Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 141:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba umkhuleko wami umelane nobubi babo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Olungileyo makangishaye; kuyakuba umusa, angithethise; kuyakuba ngamafutha amahle kakhulu;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 141:5
23 Referans Kwoze  

Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.


Njengecici legolide nesivunulo segolide elicwengekileyo, unjalo umsoli ohlakaniphileyo endlebeni elalelayo.


Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda; sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.


Isiwula siyadelela ukulaya kukayise, kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,


Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo.


Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.


Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo


Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka, kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.


“ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.


Othanda ukulaywa uthanda ukwazi; ozonda ukusolwa uyisiwula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite