Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 141:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 141:2
23 Referans Kwoze  

Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu* nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Phakamiselani izandla zenu endlini engcwele, nimbonge uJehova.


Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.


Yizwa izwi lokunxusa kwami, nxa ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.


Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.


Kwase kubuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka-Israyeli ngenxa yesiphambeko sabathunjwa; ngahlala ngimangele kwaze kwaba sesikhathini somnikelo wakusihlwa.


Elinye iwundlu wonikela ngalo ekuseni, elinye iwundlu wonikela ngalo kusihlwa.


UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye.


Kwathi ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu u-Eliya umprofethi wasondela, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi wena unguNkulunkulu kwa-Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile konke lokhu ngezwi lakho.


Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.


ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite