Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 14:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Khona besaba nokwesaba, ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kwaba khona ukwesaba okukhulu kubo, ngokuba uNkulunkulu usesizukulwaneni sabalungileyo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 14:5
19 Referans Kwoze  

Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Uma bengithe, ngizakukhuluma kanjalo, bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.


Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo; bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe. Sela*


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Lulekanani nokululekana, kepha kuyakuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyikuzanyazanyiswa; uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.


Inzalo iyakumkhonza; isizukulwane esizayo siyakulandiswa ngayo iNkosi.


Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: “Bhekani, nginike u-Esteri indlu kaHamani; yena bamphanyekile emthini, ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.


Bayehlelwa luvalo nokwesaba; ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe, baze bawele abantu bakho, Jehova, baze bawele abantu bakho obathengileyo.


Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”


Kwaba khona ukuthuthumela ekamu,* nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite