Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 139:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uyalwazi usizi lwami nokuhlubuka kwami, uqonda imicabango yami ukude.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 139:2
17 Referans Kwoze  

UJesu ezazi izizindlo zabo wathi: “Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na?


“ ‘Kepha ukuhlala kwakho, nokuphuma kwakho, nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.


Kuthe uJesu ebona ukuzindla kwenhliziyo yabo, wathabatha umntwana, wammisa phambi kwakhe,


UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.


“Kepha ukuhlala kwakho, nokuphuma kwakho, nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.


Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.


“Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane, lapho ethokoza lawa mehlo ayisikhombisa kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukubona umthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele, na?”


Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?


Enye yezinceku zayo yathi: “Hhayi, nkosi yami, nkosi, kodwa u-Elisha, umprofethi wakwa-Israyeli, uyayitshela inkosi yakwa-Israyeli amazwi owakhulumayo ekamelweni lakho lokulala.”


Wamqamba uJehova owayekhulume kuye igama lokuthi: “Wena unguNkulunkulu Obonayo,” ngokuba wathi: “Imbala ngimbonile ongibonayo na?”


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena unguye engakhuluma ngaye ngezinsuku zamandulo ngezandla zezinceku zami abaprofethi bakwa-Israyeli ababeprofetha ngalezo zinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na?


Kuyakuthi lapho sebehlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, leli hubo lifakaze phambi kwabo njengofakazi, ngokuba aliyikukhohlakala emilonyeni yenzalo yabo, lokhu ngiyazi imicabango yabo abayicabangayo namanje, ngingakabangenisi ezweni engalifungela bona.”


Yebo, ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa.


UMoya kaJehova wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Nisho njalo nina ndlu ka-Israyeli; ngiyazi mina okungena emoyeni wenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite