Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 138:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Noma ngihamba phakathi kokucindezeleka, uyakungiphilisa; Uyakwelulela isandla sakho phezu kolaka lwezitha zami, esokunene sakho siyangisindisa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 138:7
32 Referans Kwoze  

ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?


ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.


Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe; welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya; izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucumfucu phakathi ezitaladini; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo, niyakuwa phakathi kwababuleweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.


“Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova, “wena ochitha wonke umhlaba; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikugingqe emadwaleni, ngikwenze intaba eshisiweyo.


Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.


Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.


Ngase ngithi: “Yilokhu ukuhlupheka kwami, ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile.


Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: esezulwini lakhe elingcwele uyamphendula ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.


uManase u-Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo.


Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.


Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite