Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 137:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama, nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi: “Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngokuba ababesithumbile bacela ukuba sihlabelele ihubo, nabahluphi bethu bafuna ukujatshuliswa, bethi: “Sihlabeleleleni amanye amahubo aseZiyoni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba lapho abasithumbileyo basibiza ihubo; nabasichithayo bafuna intokozo yethu, bathi: Sihlabeleleni elinye lamahubo aseZiyoni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 137:3
18 Referans Kwoze  

“Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


“UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu, nezitha zethu zisihleka usulu.


Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; bangcolisile ithempeli lakho elingcwele; benze iJerusalema libe yincithakalo.


Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni, nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.


Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na?”


Ngalolo suku uDavide wayeseqala ukuhlela ukuba uJehova abongwe ngesandla sika-Asafa nabafowabo.


Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya, bafike eSiyoni bejabula; intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo, bathole injabulo nentokozo, usizi nokububula kubaleke.


UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo kanye nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya induna yokuthwala kwabahlabeleli; uDavide wayenengubo yamahlombe yelineni.


Oyihlabelelela inhliziyo edabukileyo izihlabelelo unjengokhumula ibhantshi ngosuku lwamakhaza, nanjengoviniga esilondeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite