Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 136:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wabakhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 136:11
11 Referans Kwoze  

Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


Wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.


Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu; wabahola ehlane njengomhlambi.


Kwathi uFaro esebavumele abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabaholanga ngendlela yasezweni lamaFilisti, noma kwakuyiyona eseduze; ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa mhlawumbe abantu bazisole, nxa bebona impi, babuyele eGibithe.”


Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.


Kungubusuku obuzakugcinelwa uJehova ngokubakhipha kwakhe ezweni laseGibithe, ngubusuku bukaJehova obuzakugcinwa yibo bonke abantwana bakwa-Israyeli ezizukulwaneni zabo.


Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


“Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Kuyini lokhu?’ wothi kuyo: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, indlu yobugqila.


Kuyakuba luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite