Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 135:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Ngokuba uSimakade uyokwehlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngoba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, futhi uyozisola ngezinceku zakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 135:14
11 Referans Kwoze  

“Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.


Ubiza izulu ngaphezulu kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:


UJehova uyahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;


UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” isho iNkosi uJehova.


UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” usho uJehova.


UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka, wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini echithayo: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.


Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.


Buya, Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.


ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite