Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 135:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Jehova, igama lakho limi phakade; isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Simakade, igama lakho limi ingunaphakade. Simakade, ukhunjulwa yizizukulwane ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Igama lakho, Jehova, limi kuze kube phakade; nesikhumbuzo sakho, Jehova, ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 135:13
12 Referans Kwoze  

Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.


UNkulunkulu wathi futhi kuMose: “Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini.’ Yileli eliyigama lami kuze kube phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.


Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!


Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


NguJehova uNkulunkulu Sebawoti, nguJehova igama lakhe lodumo.


ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova nodumo lwakhe eJerusalema,


Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade, ngomlomo wami ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukuthembeka kwakho.


Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke! wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni; sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa, yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite