Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 133:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Njengamazolo aseHermoni nanjengamazolo ehlela ezintabeni zaseSiyoni, ngokuba lapho uJehova wayala khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 133:3
22 Referans Kwoze  

“UJehova uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho ezinqolobaneni zakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho, akubusise ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu.


kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseSiyoni eyiHermoni,


Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.


ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.


Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.


USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.


abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.


neGileyadi nomkhawulo wamaGeshuri nowamaMahakhathi, nayo yonke intaba yaseHermoni, nalo lonke iBashani kuze kufike eSaleka,


nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.


Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.


Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.


kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”


Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite