Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 132:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Abapristi bakho mabembeswe ukulunga, abangcwele bakho bethabe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Abaphristi bakho mabembeswe ukulunga, abethembekileyo bakho bathokoze.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Abapristi bakho mabembeswe ukulunga; futhi abangcwele bakho mabajabule.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 132:9
19 Referans Kwoze  

Ngembatha ukulunga, kwaba yisambatho kimi; ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.


wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.


Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso; abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.


Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi;


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.


kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.


Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.


bhekani, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya, nikhale ngobuhlungu benhliziyo.


Abalungileyo mabethabe ngobukhosi,


Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi: “Makabe mkhulu uNkulunkulu.”


Kepha abalungileyo bayajabula; bayethaba phambi kukaNkulunkulu bethokoza nokuthokoza.


Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.


“Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.” Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.


“Ngalokho: Vuka, Jehova Nkulunkulu, uze endaweni yakho yokuphumula, wena nomphongolo wamandla akho; abapristi bakho, Jehova Nkulunkulu, mabembathiswe ukusindiswa, nabathembekileyo bakho mabathokoze ngokuhle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite