Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 132:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade; lapha ngiyakuhlala khona, ngokuba ngiyifunile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 “Nansi indawo yami yokuphumula kuze kube phakade, ngizohlala kuyo, ngokuba yiMina engiyithandile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Lokhu kuyindawo yami yokuphumula kuze kube phakade; ngoba ngangifisa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 132:14
21 Referans Kwoze  

Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho, wena nomphongolo wamandla akho.


Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”


UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!


UJehova uyawathanda amasango aseSiyoni kunazo zonke izindlu zikaJakobe.


Itabernakele* lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.


Ngikwakhele nokukwakhela indlu yokuhlala, indawo yokuhlala kwakho kuze kube phakade.”


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”


Bheka, mina, nabantwana uJehova anginike bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.


Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.


okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye, ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.


Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,


Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli,” ngokuba uJehova wakhile eSiyoni.


Nina zintaba ezineziqongo, yini ukuba niyibuke ngomhawu intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.


“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?


UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke.


Ngokuba uDavide wathi: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli unike abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube phakade;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite