Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 131:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami; njengomntwana olunyuliweyo kunina, njengolumulekileyo, unjalo umphefumulo wami phakathi kwami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngiwududuzile, ngawuthulisa umphefumulo wami, njengomntwana elunyulwa ebeleni likanina, unjalo-ke nomphefumulo wami ngaphakathi kimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngempela, ngaziphatha futhi ngazolisa njengomntwana olunyuliwe kunina; umphefumulo wami unjengomntwana olunyuliweyo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 131:2
16 Referans Kwoze  

Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.


Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”


Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.


Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova.


Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela; insindiso yami ivela kuye.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.


UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.


Bheka, namuhla amehlo akho abonile ukuthi uJehova wayekunikele esandleni sami emhumeni; abanye bathi mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angiyikwelulela isandla sami kuyo inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaJehova.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite