Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 131:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 IsiHlabelelo sikaDavide. Jehova, inhliziyo yami ayiphakamile, namehlo ami awaphakeme; futhi angizivivinyi ezindabeni ezinkulu noma ezintweni eziphakeme kakhulu kimi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 131:1
26 Referans Kwoze  

Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho.


Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na? Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.


Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inyama yonke okubi, usho uJehova, ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.’ ”


Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.


Uma uJehova ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli,


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaJehova.”


Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula emehlweni enu ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelikileyo na?”


USawule wathumela kuJese, wathi: “Akeme phambi kwami uDavide, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.”


Kwaphendula enye insizwa, yathi: “Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.”


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka, nangezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngamacebo abaJuda,


Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi; okwaphuma emlonyeni wami kwakuphambi kobuso bakho.


UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema.


Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,


Ngiyakudeleleka kakhulu kunalokho, ngithotshiswe nasemehlweni ami, kodwa izincekukazi okhulume ngazo ngiyakudunyiswa yizo.”


Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo, isibani sababi, kuyisono.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite