Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 13:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha mina ngethemba umusa wakho; inhliziyo yami iyojabula ngensindiso yakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 13:5
18 Referans Kwoze  

nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.


Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade.


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.


Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.


Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,


Omubi unezinhlupheko eziningi, kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla.


nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami,


UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.


Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo.


UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.


Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.


Nkulunkulu wami, ngiyethemba kuwe; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.


Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite