Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bheka neno, ungiphendule, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ngize ngingalali ubuthongo bokufa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngibheke, ungiphendule, Simakade, Nkulunkulu wami. Letha injabulo emehlweni ami, ngingaze ngilale ubuthongo bokufa;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bheka, ungilalele, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ukuze ngingalali ubuthongo bokufa;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 13:3
15 Referans Kwoze  

“Kepha manje senzelwe isikhashana umusa ovela kuJehova uNkulunkulu wethu ukusishiyela insali yabasindileyo nokusinika isikhonkwane endaweni yakhe engcwele ukuba uNkulunkulu wethu akhanyise amehlo ethu, asinike ikhefu elincane ebugqileni bethu.


Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.


Sebevuthile, ngiyakubenzela idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo obuphakade, bangavuki,” usho uJehova.


Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami.


Wayesethi uJonathani: “Ubaba uhluphile izwe; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi.


Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe.


Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”


Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho; bheka, ubone ihlazo lethu.


Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo; bayakulala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.


Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;


Bheka izitha zami, ngokuba ziningi; ziyangizonda ngenzondo yonya.


Yiba nomusa kimi, Jehova; kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo wena ongiphakamisa emasangweni okufa,


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite