Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 13:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Koze kube nini ngikhathazeka emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na? Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Kuyoze kube nini ngithwele ubuhlungu emphefumulweni wami, nosizi enhliziyweni yami, usuku lonke na? Kuyoze kube nini isitha singiqonela na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Koze kube nini ngizindla emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami, na? koze kube nini isitha sami singibusa na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 13:2
44 Referans Kwoze  

Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami, inhliziyo yami idangele.


Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?


Abamelene nalo sebe yinhloko, izitha zalo zinokuthula, ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.


Yebo, zonke izinsuku zakhe zisebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni okuningi, nasekuguleni, nasekuthukutheleni.


Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle, kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.


Uma nginecala, maye kimi! Noma bengilungile, bengingayikuphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ngehlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.


Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi.


ukuthi nginokudabuka okukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami.


Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi.


Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.


Khumbula lokhu, Jehova, ukuthi isitha sithukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.


kubo ababi abangilimazayo, kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.


ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.


Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade; imizi wayisimbula, ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.


Ngomlomo wezingane nowabancelayo wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe ukuba uthulise isitha nophindisayo.


ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo.


U-Esteri wathi: “Ngumuntu omelene nathi, oyisitha, uHamani lo omubi.” UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.


Inkosi yathi kimi: “Ubuso bakho bubipheleni, lokhu ungaguli, na? Lokhu kungukudabuka kwenhliziyo kuphela.” Ngase ngesaba kakhulu.


Ngokuba uma umuntu efica isitha sakhe, uyasivumela ukuba sihambe ngendlela enhle na? UJehova makakuphindisele ngokuhle ngokwenzileyo kimi namuhla.


USawule wayesemesaba uDavide kakhulu; uSawule wayeyisitha sikaDavide sonke isikhathi.


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”


Uthi wena: ‘Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.’


Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.


Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho.


Usikhohlelwani kuze kube phakade, usishiye izinsuku eziningi, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite