Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 129:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo leziqu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 129:1
26 Referans Kwoze  

Uma uJehova ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli,


“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.


“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.


“Yima manje neziphonso zakho nobuningi bamalumbo akho okhandlekile kukho kwasebusheni bakho; mhlawumbe uyakusizakala, mhlawumbe uyakubanga uvalo.


Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.


Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo.


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaJehova.”


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.


Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.


Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.


UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”


Babefeba eGibithe, bafeba ebusheni babo; bapotozwa khona amabele abo, zacindezelwa khona izingono zobuntombi babo.


UJuda uthunjiwe ngenxa yokuhlupheka nobugqila obuningi; uhlala phakathi kwabezizwe, katholi ukuphumula; bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.


Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla, kepha wathi: ‘Angizwa.’ Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakho ukuthi awulizwa izwi lami.


Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami, wena ohlezi ezulwini.


Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na?


Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami; ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.


Lapho ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi sase-Akori* sibe ngumnyango wethemba; uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.


Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHeberu azenzele izinkemba nemikhonto.”


Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.


Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite