Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 125:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Labo abaphambukela ezindleleni zabo eziyisigwegwe, uJehova uyakubahola kanye nabenzi bobubi, kepha ukuthula kube phezu kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 125:5
28 Referans Kwoze  

Indlela yokuthula abayazi, nokwahlulela akukho emikhondweni yabo; bazenzele izindlela eziyisigwegwe, bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.


abazindlela zabo ziyisigwegwe, nemikhondo yabo iphambene,


Uyakubona abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.


Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu.


Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.


Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi.


ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni,


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.


nababuyile ekumlandeleni uJehova, nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.


Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.


Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.


Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa, kepha umusa wami awuyikumuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,” usho uJehova okuhawukelayo.


Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe, nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.


Bayampompoza, bakhuluma amagangangozi; bayazidla bonke abenza okubi.


Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.


Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.


Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.


Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.


Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.


Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni lezithunzi.


Uyafika-ke, ayifumane ishaneliwe, ihlotshisiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite