Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 124:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 amanzi ngabe asewele phezu kwethu, kudlule isikhukhula phezu komphefumulo wethu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Amanzi ngabe asesisibekele, kwadlula isikhukhula phezu komphefumulo wethu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Amanzi asibekela, umsinga wedlula umphefumulo wethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 124:4
17 Referans Kwoze  

Yayisithi kimi: “Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi.


Isikhukhula samanzi masingangicwilisi, utwa lungangigwinyi, umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.


Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga, nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.


Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa.


Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye.


Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikutshengise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi,


Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


Bheka, iNkosi inaye oqinileyo nonamandla; uyakuwisa phansi ngamandla njengesivunguvungu esinesichotho, nesiphepho esichithayo, nesiphihli samanzi esinamandla esikhukhulayo.


Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho; onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.


Izintambo zokufa zangizungelezela, izikhukhula zokona zangethusa.


Ukukhanya kwakho kuphenduke ubumnyama, ukuze ungaboni, nesikhukhula samanzi siyakusibekela.


Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.


Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Yelula isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungophule emanzini amakhulu nasesandleni sabafokazi


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite