Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 124:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Uma uJehova ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Uma uSimakade ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 IsiHlabelelo sikaDavide uma bekungesiye uJehova ngakithi, u-Israyeli ubengathi;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 124:1
27 Referans Kwoze  

Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.


Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami; iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.


Uma uJehova ebengesilo usizo lwami, umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.


Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na?


Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?


Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.


Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi.


Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo.


Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.


Jehova, mkhumbulele uDavide zonke izinhlupheko zakhe


Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami, wena ohlezi ezulwini.


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaJehova.”


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


Bhekani, nibonge uJehova nina nonke zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova ebusuku.


Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.


Uma ebengenami uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze. UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami, wakusola ubusuku obudlule.”


KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuJehova ngiyakulidumisa izwi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite