Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 123:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo, namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo, kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Njengamehlo ezinceku, ebheke izandla zamakhosi azo, namehlo encekukazi, ebheke isandla senkosikazi yayo, kanjalo nathi amehlo ethu abheke kuSimakade uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bheka, njengalokho amehlo ezinceku ebuka isandla samakhosi azo, nanjengamehlo entombi esandleni senkosikazi yayo; ngalokho amehlo ethu abheke kuJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 123:2
14 Referans Kwoze  

Amehlo ami akuye uJehova njalo, ngokuba nguyena okhipha izinyawo zami enetheni.


“Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.


Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.


Wayesethi: “Angihambe, ngokuba sekuyasa.” Kepha wathi: “Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.”


Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?”


Amadoda aseGibeyoni athumela kuJoshuwa ekamu* laseGiligali, athi: “Ungayekethisi isandla sakho ezincekwini zakho; shesha ukhuphukele kithi usisindise, usisize, ngokuba onke amakhosi ama-Amori akhile ezintabeni asihlanganyele.”


UJoshuwa wabenza ngalolo suku abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo i-altare likaJehova kuze kube namuhla endaweni abeyakuyikhetha.


Ngalokho seniqalekisiwe, akuyikunqamuka ukuvela kini izigqila, abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo indlu kaNkulunkulu wami.”


Wena nkosi yami, nkosi, amehlo abo bonke abakwa-Israyeli akuwe ukuba ubatshele ukuthi ngubani ozakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo,


Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani, kodwa amehlo ethu akuwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite