Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 123:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami, wena ohlezi ezulwini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami, Wena ohleli ezulwini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 (Ingoma yeziqu.) Ngiphakamisela kuWe amehlo, Wena ohlezi ezulwini.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 123:1
25 Referans Kwoze  

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na?


Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami; ngiyakwethemba wena; ungathululi umphefumulo wami.


Amehlo ami akuye uJehova njalo, ngokuba nguyena okhipha izinyawo zami enetheni.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela.


“Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’


UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.


Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


Jehova, mkhumbulele uDavide zonke izinhlupheko zakhe


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi.


Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo.


Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.


Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.


Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


Bhekani, nibonge uJehova nina nonke zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova ebusuku.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.


Uma uJehova ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli,


Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaJehova.”


Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bebhekene nale ndawo, ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite