Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:98 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

98 Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

98 Ngemiyalo yakho, ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

98 Ungenze ngahlakanipha kunezitha zami ngemiyalo yakho, ngokuba inami njalo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:98
12 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.


Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’


Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.


Kwase kuphuma izikhulu zamaFilisti; kwathi njalo uma zisaphuma, uDavide waziphatha ngokuhlakanipha kakhulu kunazo zonke izinceku zikaSawule, laze laduma kakhulu igama lakhe.


Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?


UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.


UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.


Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite