Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:91 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

91 Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

91 Ngokwezehlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

91 Namuhla baphila ngokwezimiso zakho, ngokuba zonke ziyizinceku zakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:91
10 Referans Kwoze  

Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami silenekile izulu; lapho ngikubizayo, kuma ndawonye.


Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”


Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uma isivumelwano sami semini nesobusuku singemi, ngingamisanga izimiso zezulu nomhlaba,


Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.”


ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite