Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 BETH. Insizwa iyakuyihlanza ngani indlela yayo na? ngokuyinaka ngokwezwi lakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:9
29 Referans Kwoze  

Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.


Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.


Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi.


Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.


Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina.


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.


nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu,


ngabheka phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,


Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke; ngokuba uJobe wathi: “Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.” Wenze njalo uJobe imihla yonke.


“Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.


“Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’


Ngokuba uloba okumunyu ngami, ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;


“Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi;


Emisebenzini yabantu ngiyazilinda, ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho.


Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite