Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:80 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

80 Inhliziyo yami mayiphelele ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

80 Inhliziyo yami mayibe msulwa ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

80 Inhliziyo yami mayiphile ngezimiso zakho; ukuthi kangilanhloni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:80
14 Referans Kwoze  

“Namuhla uJehova uNkulunkulu wakho uyakuyala ukwenza lezi zimiso nezahlulelo; ngalokho wozigcina, uzenze ngayo yonke inhliziyo yakho.


Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye, ukuze, nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho nkohliso kuye.”


Wenza okubi, ngokuba akabhekisanga inhliziyo yakhe ukumfuna uJehova.


Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.


Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.


Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko, kungekho nkohliso emoyeni wakhe.


Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena.


Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo kodwa.


Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; nokho inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite