Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:53 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

53 Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

53 Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

53 Ingebhe ingibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:53
15 Referans Kwoze  

Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.


Lapho ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awagcini izwi lakho.


Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu,


Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


Wayesevuka u-Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka-Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi, ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.


funa kuthi ekufikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile, bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.


Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho.


Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.


“Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami bengahambi ngezahlulelo zami,


singabuye saphule yini imiyalo yakho, sendiselane nalabo bantu abazenza lezi zinengiso na? Nga ungasithukutheleli uze usiqede, kuze kungabikho nsali nosindayo na?


Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa ukukhala kwabo nalawo mazwi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite