Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, kungabi sekuhaheni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, hhayi ekuhaheni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:36
19 Referans Kwoze  

Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”


ukuze adonsele izinhliziyo zethu kuye ukuba sihambe ngezindlela zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe ayala ngakho obaba.


nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.


Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe, nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova.


Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,


Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.


Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo.


Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


benamehlo agcwele ukuphinga nangayeki izono, bayenga imiphefumulo engaqinile, benenhliziyo ejwayele ukufisa, abantwana bokuqalekiswa,


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela.


ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


“Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!


Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite