Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe futhi abamfunayo ngenhliziyo yabo yonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:2
24 Referans Kwoze  

Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.


Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho.


Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqiniso kulabo abagcina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.


Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.


Emisebenzini yonke ayiqalayo enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nasemthethweni, nasemiyalweni, ukuba afune uNkulunkulu wakhe, wakwenza ngayo yonke inhliziyo yakhe, waphumelela.


ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,


ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.


ukuba baqaphele izimiso zakhe, bagcine imithetho yakhe. Haleluya!


wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.


Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho.


Ngikhala kuwe, ngisindise; ngiyakugcina ubufakazi bakho.


Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.”


Yenzele okuhle inceku yakho ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho.


Ngitshengise, Jehova, indlela yezimiso zakho; ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni.


Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho.


Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.


Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho.


Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho.


Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite