Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:163 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

163 Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya; umthetho wakho ngiyawuthanda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

163 Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya, kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

163 Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:163
13 Referans Kwoze  

Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.


Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;


Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukwahlulela esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali yakwaJosefa.


Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.


Dedisela kude nami okuyize namanga, unganginiki ubumpofu nengcebo, kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo,


Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.


Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami; okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.


Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo.


Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.


Olungileyo uyazonda amazwi amanga, kepha omubi ubanga amahloni, ahlazise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite