Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:103 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

103 Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

103 Anambitheka kamnandi amazwi akho, adlula uju emlonyeni wami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

103 Amnandi kangakanani amazwi akho emlonyeni wami! yebo, imnandi kunezinyosi emlonyeni wami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:103
12 Referans Kwoze  

Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,* nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.


Inxanelekile kunegolide, kunegolide elihlanzekileyo eliningi; imnandi kunezinyosi, kunoju lwamakhekheba.


Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.


Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula.


Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.


Nenceku yakho iyayalwa ngayo; oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu.


Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona.” Ngase ngiwudla, wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.


Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite