Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 119:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakufuna ngenhliziyo yami yonke; ungangivumeli ngiduke emiyalweni yakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 119:10
25 Referans Kwoze  

Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,


Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.


Wonke uJuda wathokoza ngesifungo, ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo; uJehova wabaphumuza nxazonke.


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.


Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi.


Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni lezithunzi.


Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize.


Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.


Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo, uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje,” usho uJehova.


abashiya imikhondo yobuqotho, ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye, bengathembekile esivumelwaneni sakhe.


Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: “Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti.”


Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye,


“Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.*


Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.


Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.


Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho.


Izimvu zami zazulazula kuzo zonke izintaba nakuwo onke amagquma aphakemeyo, yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwabakho ozifunayo nozicingayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite