Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 118:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJehova ungakimi; angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 118:6
20 Referans Kwoze  

ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na?


Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?


Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.


Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.


“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?


Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.


UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.”


Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke; yonke imicabango yabo iqonde ukungona.


KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuJehova ngiyakulidumisa izwi.


Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.


Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?


Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite