Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 116:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova uyalondoloza ongenabuqili; ngithotshisiwe phansi wangisindisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 USimakade uyamvikela ongenakuzisiza; lapho ngithotshisiwe, Yena wangisindisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJehova uyalondoloza abangenalwazi; ngathotshiswa, wangisiza.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 116:6
11 Referans Kwoze  

Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.


Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula.


Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;


Mawungasibaleli amacala akuqala; umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena.


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.


Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.


Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Ngokuba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke; ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.


Kaningi wabakhulula; kepha bahlubuka ngecebo labo, bawiswa phansi ngobubi babo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite