Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 116:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngiyinceku yakho impela, Jehova; ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho; uthukululile izintambo zami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 O Jehova, isibili, ngiyinceku yakho; ngiyinceku yakho nendodana yencekukazi yakho; Uzithukululile izibopho zami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 116:16
11 Referans Kwoze  

Phendukela kimi, ube nomusa kimi, uyiphe inceku yakho amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho.


Zinqume izitha zami ngomusa wakho, ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho.


Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.


UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo.


Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.


Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,


Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite