Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 116:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngiyamthanda uSimakade, ngokuba uyalizwa izwi lokukhuleka kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngiyamthanda uJehova, ngokuba ulizwile izwi lami nokunxusa kwami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 116:1
20 Referans Kwoze  

Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.


Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.


futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”


Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, neziboshwa zakhe akazideleli.


Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami.


Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho.


Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu,


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.


UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma.*


UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke.


Makabongwe uJehova, ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami.


Ngingakhuluma ngithini na? Ukhulumile kimi, ukwenzile yena. Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka ngomunyu womphefumulo wami.


Wezwa izwi lami; ungasithezi indlebe yakho lapho ngikhalela ukusizwa.


Wangiphonsa ekujuleni, enhliziyweni yolwandle, umfula wangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite