Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 115:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Izulu lingelikaSimakade, kepha umhlaba wawabela abantwana babantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Izulu, yebo, izulu ngelikaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 115:16
14 Referans Kwoze  

Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:


Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba; izwe nokugcwala kwalo, kukho konke ubeke isisekelo.


Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizwe njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.


Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle; thinta izintaba, zithunqe.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.


Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.


Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu.


“Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.


Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.


Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite