Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 115:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kepha uliphe igama lakho inkazimulo ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ayingabi kithina Simakade, ayingabi kithina, kodwa yinike igama lakho inkazimulo, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kodwa ulidumise igama lakho, ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 115:1
17 Referans Kwoze  

Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami.


Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo.


Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.


Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, isho iNkosi uJehova; makwaziwe kini; jabhani, nibe namahloni ngenxa yezindlela zenu nina ndlu yakwa-Israyeli.


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi, uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe, lapho naya khona.


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.


Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho; khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.


Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite