Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 112:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ubapha ngesihle abantulayo, ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade, amandla akhe ayophakama ngodumo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyophakama ngodumo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 112:9
39 Referans Kwoze  

Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.


Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.


benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane,


hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.


Ongalungile makenze njalo okungalungile, nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.”


Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”


umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini.


Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?


Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.


Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.


ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.


Kepha abanye bacabanga ukuthi, ngokuba uJuda ephethe isikhwama, uJesu uthi kuye: “Thenga esikuswele emkhosini,” noma ukuthi kabele abampofu okuthile.


Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona* ongalungile, ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.


Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona.


Ngokuba abampofu ninabo njalo; nanini, uma nithanda, ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo.


Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.


Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade.


“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.


UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.


kepha uyakukubuyisela nokukubuyisela kuye ukushona kwelanga ukuba alale ngengubo yakhe, akubusise; lokho kuyakuba kuwe ukulunga phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.


Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi: ‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’


bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe.


UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”


Kepha yiphani okungaphakathi kube yisiphiwo sabampofu, bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini.


ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


Onesizotha uceba okuzothileyo, nangokuzotha kwakhe uyakuma.


Uyakumthwesa nokumthwesa ngezimvu zakho, nangokwesibuya sakho, nangokwesikhamo sakho sewayini; njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile, kanjalo womnika yena.


Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.


Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo, nokulunga kwakhe kumi phakade.


Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo, umgexo weziwula ungubuwula.


Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke, kepha olungileyo uyaphana engancishi.


isikhathi sokufuna nesikhathi sokulahlekelwa, isikhathi sokugcina nesikhathi sokuhlahla;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite