Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 112:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba abaqotho, ukukhanya kuyaphuma ebumnyameni; Unomusa futhi ugcwele uzwelo futhi unobulungisa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 112:4
26 Referans Kwoze  

Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini; noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.


umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini.


Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.


Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile;


Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.


Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.


Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.


Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,


Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini.


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.


Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


Uma unquma indaba, uyakuyenzelwa, ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.


lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,


Unomusa uJehova, ulungile; uNkulunkulu wethu unobubele.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.


Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite