Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 112:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Dumisani uJehova. Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza ngemithetho yakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 112:1
25 Referans Kwoze  

Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo.


Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


ngokuba ngiwenamela umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi,


Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.


Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla.


Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele.


Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.


Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”


Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.


Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.


Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.


Haleluya! Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonke emhlanganweni nasebandleni labaqotho.


Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.


“Uyakubusiswa emzini, ubusiswe nasensimini.


U-Ahabi wabiza u-Obadiya owayephezu kwendlu yakhe. U-Obadiya wayemesaba kakhulu uNkulunkulu,


ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite