Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 110:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Abantu bakho bayakuvuma ngosuku lwamandla akho, ebuhleni bobungcwele kwasesizalweni; unamazolo obusha bakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 110:3
28 Referans Kwoze  

“Ngokuba abaholi beholile kwa-Israyeli, ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo, bongani uJehova.


makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala, kepha wasibizela ebungcweleni.


njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;


Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,


Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kodwa sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu ngakini.


Kepha makabongwe uNkulunkulu obeka enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,


Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;


Khulekani kuJehova, nihlobe ubungcwele; thuthumela ebusweni bakhe, mhlaba wonke.


ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.


Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.


ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.


kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.


Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba.


Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.


Abantu babusisa bonke abantu ababezinikela ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema.


“Nanku umthetho wendlu: esiqongweni sentaba wonke umkhawulo wayo nxazonke uyakuba ngcwele kakhulu. Bheka, lokhu kungumthetho wendlu.


Inhliziyo yami ikubabusi bakwa-Israyeli abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu; bongani uJehova.


Mnikeni uJehova udumo lwegama lakhe, nikhuleke kuJehova emvunulweni engcwele.


Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho enyathela emikhawulweni yethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite