Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 11:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 11:6
25 Referans Kwoze  

Ngiyakumahlulela ngesifo nangegazi, nginise phezu kwakhe, namaviyo akhe, nabantu abaningi abanaye, imvula ekhukhulayo, namatshe esichotho, nomlilo, nesibabule.


Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.


“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.


kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;


Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.


Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.


Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe, kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.


Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?”


Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo, uphuze nawe, wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho.


Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni labo.


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuzile esandleni sikaJehova indebe yokufutheka kwakhe; uphuzile isitsha sendebe yokutengezela, wasiminya.


UJehova uyisabelo esahlukaniselwe mina, nendebe yami; wena uqinisa ifa lami.


isho kanje iNkosi yakho uJehova noNkulunkulu wakho emela indaba yabantu, ithi: “Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokutengezela; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza.


USamuweli wathi kumpheki: “Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: Sibeke ngakuwe.”


Kwathi ngosuku u-Elkana ahlaba ngalo, wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo;


Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe, kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo. Baphuza, bathokoza naye.


Uthukuselwe inkintshela emhlabathini, nesihibe emgwaqweni.


UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo.


Omubi unezinhlupheko eziningi, kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla.


Lokhu kungokwenkatho yakho, isabelo osilinganiselwe yimi,” usho uJehova, “ngokuba wangikhohlwa, wethemba emangeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite