Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 11:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 USimakade uyamvivinya olungileyo, kodwa uyamzonda othanda ubudlova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJehova uyamhlola olungileyo, kepha omubi nabathanda ubudlwangudlwangu bayawuzonda umphefumulo wakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 11:5
19 Referans Kwoze  

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo,


ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;


Ngivivinye, Jehova, ungilinge; hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.


Makuphele ukonakala kwababi, kepha olungileyo mawumqinise. Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


Kwathi emva kwalezo zinto uNkulunkulu wamvinvinya u-Abrahama, wathi kuye: “Abrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”


Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.


Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.


Ifa lami likimi njengengonyama ehlathini; lingiphumisele izwi; ngalokho ngiyalizonda.


Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.


Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe, nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova.


Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva, sihlambulule amadodana kaLevi, siwahluze njengegolide nesiliva, aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga.


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


Uyabhubhisa abakhuluma amanga; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.


Kepha, Jehova Sebawoti, ovivinya olungileyo, obona izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngikwambulele indaba yami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite