Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 109:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Njengethunzi eselilide ngiyamuka; njengesikhonyane ngiyapheshulwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Njengethunzi eselilide ngiyashabalala, ngipheshulwa njengesikhonyane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngihambile njengesithunzi lapho sehla; ngijikijelwa phansi njengentethe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 109:23
10 Referans Kwoze  

UJehova wayesewuphendula umoya waba ngowasentshonalanga onamandla amakhulu; wona wasusa isikhonyane, wasilahla eLwandle Olubomvu; akwasala sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.


Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.


kodwa akuyikuba kuhle kwababi, nemihla yabo ayiyikwandiswa njengesithunzi, lokhu abesabi phambi kukaNkulunkulu.


Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?


Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolo suku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.


Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite