Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 109:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngokuba ngingodingayo nompofu; inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ngokuba ngingompofu nontulayo, inhliziyo yami ilimele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba ngimpofu, ngimpofu, nenhliziyo yami ilimele phakathi kwami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 109:22
15 Referans Kwoze  

Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu.


Inhliziyo yami ishayiwe, ibunile njengotshani, ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami.


Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.


Kepha mina ngiyimphethu, angisiye umuntu; ngiyisithuko sabantu, ngiyindelelo yabantu.


ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.


“Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa, kepha wazingela umuntu odingayo nompofu nodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.


Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wabamba izinyawo zakhe. UGehazi wasondela ukuba amxoshe, kepha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga.”


Phendukela kimi, ube nomusa kimi, ngokuba nginesizungu, ngihluphekile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite