Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 107:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova, abahlengileyo esandleni sesitha;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Abahlengiweyo bakaSimakade mabasho njalo, labo abahlenge esandleni sesitha,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Basho kanje abahlengiweyo bakaJehova abahlengileyo esandleni sesitha;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 107:2
20 Referans Kwoze  

ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singenakwesaba


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Ngibeka umoya wami esandleni sakho; uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.


“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko.


Ngesulile iziphambeko zakho njengefu, nezono zakho njengemilaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Akuyikuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona; lokho akuyikufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.


Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.


“Ngiyakukophula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabacindezeli.”


Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele, abahlengiweyo bakaJehova; wena uyakuthiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiyiwe.


kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo uJehova unikhiphile ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yezigqila esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe.


Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe, wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.


Uyakukhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala ngale nto namuhla.


Bayehlelwa luvalo nokwesaba; ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe, baze bawele abantu bakho, Jehova, baze bawele abantu bakho obathengileyo.


Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile.


Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.


Uyakumhlenga u-Israyeli eziphambekweni zakhe zonke.


Yiba nemihelo, uzale, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo, ngokuba manje uyakuphuma emzini, uhlale endle, ufike naseBabele, lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite