Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 106:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Babusisiwe abagcina ubulungiswa, abenza ukulunga ngezikhathi zonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ubusisiwe ogcina ukulunga, nowenza ukulunga ngezikhathi zonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 106:3
29 Referans Kwoze  

Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,


Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.


Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;


Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”


Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo, yebo, kuze kube sekupheleni.


Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.


Khona ngiyakuwugcina njalo umthetho wakho, yebo, kuze kube phakade.


Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho.


“Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumisa itabernakele* phezu kwabo.


Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na?


“Kodwa maye kinina baFarisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.


Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite