Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 103:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantu bakwa-Israyeli, izenzo zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wamazisa uMose izindlela zakhe, nezenzo zakhe kubantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 103:7
19 Referans Kwoze  

Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”


Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.


bakhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe abebabonisile zona.


wabazisa isabatha lakho elingcwele, wabayala ngemiyalo, nangezimiso, nangomthetho ngesandla sikaMose inceku yakho;


Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Akuvelanga ngasemuva kwa-Israyeli umprofethi onjengoMose, owazana noJehova ubuso nobuso


Wakhuluma kubo esensikeni yefu; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.


Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe, wabeka umthetho kwa-Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo,


Abantu bema kude; uMose wasondela ebumnyameni obunzima, lapho ekhona uNkulunkulu.


UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.


Bonke abantu baphendula kanyekanye, bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” UMose wabuyisela kuJehova amazwi abantu.


izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.


Inceku yami uMose akanjalo; uthembekile endlini yami yonke;


Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakhe ngokubapha ifa labezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite